Bathi kungcole ngendlela efikiselana ngamahloni

ISITHOMBE NGU: TSEPO MOLEFE
UNKZ Portia Vilakazi waseDUCT nezinye zezibi ebezicoshwa emapaki aseCamps Drift, eMgungu ndlovu.

SIQUBULE ukukhathazeka kuMasipala waseMsunduzi nenhlangano yezemvelo, iDuzi Umngeni Conservation Trust (DUCT) isenzo sabantu abazitika ngocansi emapaki angaphansi kwalo masipala bashiye amakhondomu asebenzile esakazeke phansi.

Lesi senzo sidale ukuba umasipala neDUCT bazisukumele mathupha ngoLwesihlanu bayokhuculula lezi zindawo zokuphola.

Ngaphandle kwamapaki, bakhuculule nosebe lomfula uMsunduzi, eCamps Drift, lapho kuye kuqale khona umqhudelwano wabagwedli owaziwa ngeDuzi Canoe Marathon.

Ekhuluma neLANGA uNkz Portia Vilakazi wezokuxhumana kwiDUCT, uthe kuyabakhathaza ukubona izindawo ezingamagugu futhi eziheha izivakashi eMgungundlovu zixathuka wukungcola.

Unxuse ukubambisana nabantu abaye bavakashele amapaki edolobha, wathi mabaqikelele ukuthi bawashiya ehlanzekile.

“Sibhekene nomthwalo wokukhuculula amapaki ethu njengoba engcole ngendlela efikiselana ngamahloni. Lokhu kugcina kuthikameza nomfula uMsunduzi.

“Siphume umkhankaso wokuthanda idolobha lethu ngokuthi silihlanze ngokungabheki inkokhelo. Kuyasithokozisa ukubona abanye ozakwethu behlanganyela nathi ukugcina idolobha laseMgungundlovu libukeka kahle,” kusho uNkz Vilakazi.

UMnu Sibabini Tutshana wezamapaki eMsunduzi, uthe inhloso yabo ngokusebenzisana nabeDUCT wukuba abantu baqonde imvelo, bayiphathe kahle ukuze nayo yenze okuhle kubona.

“Lapha sizolekelela iDUCT ngoba sonke sinombono ofanayo wokugcina imvelo ivikelekile.

“Sinxusa umphakathi ukuba uma usebenzisa amapaki bese kuthi lokho obukwenza khona ukuqoqe ukulahle ezindaweni ezifanele.

“Kungconywana ukungcola kwamapaki kulezi nsuku njengoba ukuhlangana kwabantu kusamisiwe ngenxa yemithetho yeCovid-19, kodwa siyazi ukuthi mhla kuvulelwa ukuhlangana kwabantu, kuzoba nzima ngoba bazobe sebegcwala kuwona.

“Siyafisa ukubambisana nabantu njengoba sizoshiya imigqomo yokufaka izibi, sicela bayisebenzise,” kusho yena.

Siphume umkhankaso wokuthanda idolobha lethu ngokuthi silihlanze...