TSEPO MOLEFE

 

KUQINISWA inhlanzeko emapaki aseMgungundlovu ngenhloso yokuvikela imvelo ukuze ithande abantu nabo bayithande futhi bayivikele.

Ngeledlule iDuzi Umngeni Conservative Trust ngokubambisana nabezamapaki kuMasipala waseMsunduzi bagcwale usebe lo mfula uMsunduzi eCamps Drift bezohlanza leli dolobhla elithathwa njengelinomlando ojulile kwezokuvakasha namagugu.

UNkz Portia Vilakazi uthe baphume inqina lokuhlanza idolobha laseMgungundlovu ngenhloso yokuvikela imvelo. Unxuse abantu abakhele leli dolobha ukuba baqikelele ukuthi uma besebenzisa amapaki bawashiya ehlanzekile ukuze ahlale eheha. “Siphume umkhankaso wokuthanda idolobha lethu ngokuthi silihlanze ngokungabheki inkokhelo. Kuyasithokozisa ukubona abanye ozakwethu behlanganyela nathi ukugcina idolobha laseMgungundlovu libukeka kahle. Sibonga ithimba laseMsunduzi elihlanganyele kanye nathi lazijuba ngokusilekelela ukuhlanza leli dolobha lethu. Sibhekene nomthwalo wokukhuculula amapaki ethu njengoba engcole ngendlela efikiselana namahloni njengoba kugcina kuthikamezeke nomfula uMsunduzi. Siyanxusa umphakathi ukuthi mawube sempini ngokuthi ukhuzane uma kukhona obonwa elahla udoti noma kanjani. Sizimisele ukuqhakazisa idolobha lethu ukuze nezivakashi kuthi nxashana zivakashele kulona zingawuvali umlomo ngenxa yobuhle nokuhlanzeka kwamapaki alo,” usho kanje. 

UMnu Sibabini Tutshana wezamapaki eMsunduzi uthe kuyabajabulisa ukubona ezinye izinhlangano ezizimele zishabasheka ngokugcina idolobha laseMgungundlovu lihlanzekile ngaso sonke isikhathi. Uthe inhloso yabo ngokusebenzisana nabeDUCT  ngukuba abantu baqonde imvelo ngokuthi bayiphathe kahle ukuze nayo yenze okuhle kubona. “Kungconywana ukungcola kwamapaki kulezi nsuku njengoba ukuhlangana kwabantu kusamisiwe ngenxa yemithatho yeCOVID-19 kodwa siyazi ukuthi mhla kuvulelwa ukuhlangana kwabantu kuzoba nzima ngoba abantu bazobe sebegcwala kuwona. Siyafisa ukubambisana nabantu njengoba sizoshiya imigqomo yokufaka izibi sicela bayisebenzise. Lapha sizolekelela iDUCT ngoba sonke sinombono ofanayo wokugcina imvelo ivikelekile. Sinxusa umphakathi ukuba mawuthi nxashana usebenzisa amapaki bese kuthi lokho abebekwenza khona bakuqoqe bakulahle ezindaweni ezifanele ukulahlwa kuzona,” usho kanje.